Mthembu

Izithakazelo zakwa-Mthembu

Mvelase, 
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

3 thoughts on “Mthembu”

  1. ngsacel’okbuza, oMthembu bahlukile yini ngoba ngibona sengathi iithakhazelo ayifani ? isbongo sakhithi nguMthembu kwa enzeka iphutha nje e Home Affairs kubaba uma ayothatha iID ya bhalwa ngaphandle kwale H bese nathi sayenza kanjalo. Ngok’hlala ngiseLimpopo la kukhulunywa khona Sepedi ingakho isiZulu sam’ si ngekho sihle ngoba ekhaya uMa ak’yena umZulu. uBaba se wadlula.

  2. Mthembu Mvelase owavele Nyandeni ngomkhonto wakwaMabaso. Nina bakwa Gogolazitha Nina bakwaNobasali, Nina bakwaVezi uNonyanda.Nina bakwangozi ay’khokhobi ngoba Wakhokhobeli zinkomo zamadoda. Nina bakwaVezi kamandulo Nina bakaNotsele kanodada. Nina bakaSibhuzikazi Simayikayika, Nina bakaphumuza Bantu amaphiko. Bathembu basengi nkomo izele, Nina bakaGude Nonjolo ongadli amathe ngabe indlala iwile Nina bakoNonyezi amahwanqa Makhulu.
    Nina baseQhudeni ngokudli qhude lifile.
    Maphanga
    Kunene
    Jubane
    Zakwe
    Sobuyase

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *