Mbhele

Izithakazelo zakwa Mbhele

Godide
Mphemba
Ntuli
Ndlela kaSompisi
Sothole
Gudukazi uyiNcwayo
Khuboni
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda
Abanye bephemba ngomlilo
Nina base Lenge
Enabonakala ngefu lezintuli
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela
Mazimuzimu enidla’abantu
Mgwabini wemikhonto
Umahlatshwa ebuhleni njengethole
Umagaju njengengwe
Inhlangu eyeqa iphindaphinda
Umanxeba angamanxuluma
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu
Nyaka wumbe
Lophum’ endlebeni yengwenya
Unonjiyelwa
Kulala uhlangothi lubomvu
Ugodo olumuka namankayiya
Langa

4 thoughts on “Mbhele”

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *