Maphanga

Izithakazelo zakwa Maphanga

Mnguni, 
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

!<– wp:heading –>

Umlando wakwa Maphanga

Umlando waka Maphanga asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Maphanga besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Siwabelana ngolwazi (Sharing is caring)

1 thought on “Maphanga”

  1. Thokozani Maphanga

    Sawbona nami nginguMaphanga umkhulu wami wangitshela ukuthi isibongo sakwa Maphanga sivela kwa Mhlungu ,Amadoda Akwa Mhlungu ahamba eyobamba impi ,yebo bayibamba babaxosha ababebhekene nabo omunye wabo wathatha imfuyo yalaba ababexoshwa wahambanayo ,lesosenzo asenzayo sabizwa ngokuthi ukuphanga wabe lowomlisa esebizwa ngokuthi u Maphanga

    Lwaba luningike uzalo uma sisuka kuMaphanga kwehla mina ngakithi sithi
    Maphanga
    Gumede
    Mthiyane
    Zwelibanzi
    Schoboza
    Masengaasileke ndukuzinobulongwe
    Ngwane engwade
    Ngwadla emabhudle sbindakubili umfazi nendoda Maphanga !!!
    Mina ngisendlini kaNgwadla emabhudle ukhokho wobaba,kodwa njengoba sihlukene ngokuthakazela kodwa singuye uMaphangakungasihlukanisi lokho

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *