Madondo

Izithakazelo zakwa Madondo

Mnquhe,
Wena waseQhudeni,
Zikode kaNgaba,
Mwelase,
Mpukane kaMgedeza,
Wena ongawudli umbele odliwa abalandakazi,
Wena ongaweli ngezimpambosi, owela ngezibuko!

!<– wp:heading –>

Umlando wakwa Madondo

Umlando waka Madondo asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Madondo besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Siwabelana ngolwazi (Sharing is caring)


5 thoughts on “Madondo”

  1. SPHAMANDLA MADONDO KWELIKABHANANA

    Abantu bakwamadondo, ngokohlanga lwamazulu bangabaquluso, basuka le emsinga endaweni yaseqhudeni, isbongo Sabo savele Kade kwakushaywa umhlahlo lapho ilembe lifuna ugobela was, mase ukhokho wethu isalukazi sashaya khona, wabe esethi umfokashaka bangamadoda.. Kwathi, emva kwa lokho izanusi ezazikhona zabe sezifuna ukubulala ukhokho, ilembe labe selithi makabaleke ukhokho, bawele ngamadonda laphaya ezibulweni, nembala kwaba njalo, iliba likagogo Lona owahloleka ushaka lendaweni yase nhlazuka le nggase Richmond,.. Bathi Uma bebaleka bafika bamukelwa inkosi yakwantembe e pmb I lapho bafika bazinza khona, baba ngamadonda, instead of Madondo.. Bayeka ukugcaba… Ngenxa yokuthi babefihla usiko.. Thina kwamadondo, sihlobene nonzimande, nomazibuko, nomathonsi.

  2. Ziqhubeka zithi

    Nina enadondolozela ngomkhonto emzini kaShaka kwangaba ndaba zalutho.nina enasaba izulu ngokduma.Nina bakwa maguma angaphezulu.nina bakwa sibumbu esiyindilinga.

    Ubaba mayesho mayelan nodabo lokfondolozel emzin kashaka.wath isilo ilembe ngenkathi libize zonk izangom zizohlahla ukt uban owayekade egcobe amagaz ezinsiken as if ubthakath obthile kthiwa ke lesangoma esathi yilo ilembe elalenze leyanto esakwa Madondo.

    1. Mbhekiseni mathonsi

      Abakwa madondo abakwa mathonsi Noma ngingenawo umlando omude kodwa kwakuthi makufanelwe kwenziwe
      into kwabakhona oyedwa owathi uyadonda kwasekuthiwa ungu madondo ke Wena savela kanjalo ke isibongo
      sakwa madondo ,ngamafishane abakwa madondo abakwa mathonsi mina igama Lami mbhekiseni mathonsi edundee ngidabuka emsinga

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *