Khathide

Izithakazelo zakwa Khathide

Kubheka, 
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane, 
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila, 
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

!<– wp:heading –>

Umlando wakwa Khathide

Umlando waka Khathide asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Khathide besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Siwabelana ngolwazi (Sharing is caring)

1 thought on “Khathide”

  1. Abakwa Kubheka akubona abantukazane. U Maqondo owaziwa ngelika Magonondo wasungula ubukhosi bakwa Kubheka waqamba ngokuthi AMAGONONDO ebusungula Entombe. Amakhosi akwa Kubheka ayehlala Entombe, abakwa Kubheka bahlukana phakathi uma inkosi u Thathawe esuka Entombe aya Engogo lapho akhothamela khona edutshulwa abamhlophe, Entombe wasuka ngoba ayehlaselwa amaSwati abanye bamlandela abanye basala Entombe.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *