Khambule

Izithakazelo zakwa Khambule

Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande, 
Mncaphayi,Shezi,
Malangatsha!

!<– wp:heading –>

Umlando wakwa Khambule

Umlando waka Khambule asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Khambule besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Siwabelana ngolwazi (Sharing is caring)

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *