Hlongwane

Izithakazelo zakwa Hlongwane

Ngwane
Masumpa
Masenga sileka
Nduku Zinobulongwe
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda
Nina bakaMatiwane
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu

Umlando wakwa Hlongwane

Umlando waka Hlongwane asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Hlongwane besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Sihwebelana ngolwazi (Sharing is caring)

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *