Hadebe

Izithakazelo zakwa Hadebe

Bhungane
Bhungane kaNsele
Zikode
Gob’izembe
Makhulukhulu
Mehlomakhulu
Umkhulu Bhungane
Ziyengane eziyenga umuntu, zimyenga ngendaba
Mthimkhulu
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane
Mafuz’afulele njengelifu lemvula
Sgoloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesaba ukwehlela
Ingabe emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga
Nina enindlebe zinhle zombili
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele
Mahlubi amahle
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo
Ngelengele

Umlando wakwa Hadebe

Umlando waka Hadebe asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Hadebe besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Sihwebelana ngolwazi (Sharing is caring)

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *