Chamane

Izithakazelo zakwa Chamane

Wosiyane,
Nzama,
Mashiza, 
Dingila,Chube,
MaChube amahle,
Nombhoco, Chube, 
Gcugcwa, 
Zukula kaNombhoco, 
Zukula, nina baseS’Chamaneni,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba, 
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Gcugcwa ka-Ncameni,
Ncameni ka-Nozaca!

Umlando wakwa Chamane

Umlando waka Chamane asikabi nawo. Uma ngabe kukhona okwaziyo ngomlando wakwa Chamane besicela usazise ngokushiya i’comment ngezansi. Singalujabulela kakhulu ulwazi lwakho.

Siwabelana ngolwazi (Sharing is caring)

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *